Thursday, March 12, 2020

UKUQHUTSHWA KAFISHANE UMLANDO WAKWA-MSANE


UKUQHUTSHWA KAFISHANE UMLANDO WAKWA-MSANE


Emva kwezimpi ezaziphakwa yinkosi u Shaka ka Senzangakhona ezazibizwa ngokuthi yi Mfecane noma Difaqane ezaqala ngeminyaka yo 1818 kuya ku 1835, lapho kwahlakazeka izizwe eziningi kwachitheka nobukhosi bazo, kwadliwa konke nemfuyo yazo ngisho namasimu ayesemhlabeni wazo wendabukona ngesikhathi sokufika kuka Henry Francis Fynn esifundazweni sezizwe sabe Nguni ngo 1851, ukuze kwakheke ubukhosi baKwaZulu, abantu baKwaMsane baba nobudlelwano obukhulu nabaKwaMthethwa, ngoba bahlakazeka bahlukana phakathi kwakhona abafudukayo belandela u Nxaba ka Mbhekane, kwaba khona nalabo abasala balandela uMgobhozi ka Mgabhashi Msane.  Kukhona abaKwaMsane abafudukela eSwazini bafike bazinza bakhonza ngaphansi kobukhosi baKwaDlamini ku Sobhuza baba nobudlelwano obuhle kakhulu waze wababela nodeda ngendlale womhlaba khona eSwazini, lapho kusekhona abanye bakwaMsane abayisizukulwane sabo, inkosi yaKwaMsane u Nxaba ka Mbhekane wadlula nabanye waze wayozinza e Mozambique lapho nakhona sisekhona isizukulwane sabaKwaMsane abangama Putukezi nama Shangane, abango Msane noma Mussane.

Umlando wabantu beSizwe saKwaMsane ubanzi futhi ujulile, ngaphezu kwalokho unothile kuwo wonke amazinga empilo, kunabantu abasabayo ukujula nawo, abathile babizwa nango Solwazi abacindezela umlando oyiqiniso, bawuhlanekezele ngenxa yokuncetheza nokucabangela izisu zabo, benyathela umlando wezinye isizwe ukuze kusizakale izinhloso zabo. Phela kukhona lapho ebesingakwazi ukufinyelela khona lapho kugcinwe khona umlando, amagugu namafa (archives) ngenxa yokuthi abantu bendabuko bebengavunyelwe ukufunda bajule nangomlando wabo, ngoba bazovuleka amehlo nemiqondo balwele okungokwabo. 

Umhlaba owabe uyisabelo sesizwe sababaKwaMsane ngokomdali, uthinta lezindawo ezilandelayo ngokobubanzi bawo, ukusuka eNingizimu yesifundazwe usuka e Scottburg kuye koshaya ka Nomhoyi ugudle e Nyavini wakhelene nomhlaba wobunye ubukhosi bezinye izizwe , lapho uthola khona abaKwaMsane kakhulu ko Mthwalume, abanye bakhonza ngaphansi kwezinye izibongo ngenxa yokususwa ngendluzula uHulumeni wama Koloni wabeka amakhosi ayezoba yizethenjwa zawo. Bakhona na KwaQoloqolo, eMalangeni kwaMgaye eMzinto ngaphambi kokufika kuka Henry Fransis Fynn babaKwaChiliza lapho abaKwaMsane bafika nezinye izibongo bezibiza ngeZinkumbi Ezimfece. Uma sibheka eNyakatho yesiFundazwe uthinta izindawo ezifana nentaba u Mthekwini lapho kwakukhona isiGodlo sobukhosi baKwaMsane oGobeni Royal Kraal, ugudle abaseMadletsheni nasedolobheni e Hluhluwe, ubheke entabeni uCilwana, uBisana, uMthwana nomfula Amavuye ukwehla njalo ukuhlukaniselana nomhlaba ongaphansi kweSizwe sobukhosi baKwaSokhulu naKwaMbonambi.

NgaseMpumalanga uthinta lezindawo ezilandelayo, kuNkweyana, kwaNgqongwana, inkambu yana Sosha i 121 Batalion, kwaMkhon' uneziphunga, wonke u Ward 1 elokishini KwaMsane elasungulwa ngomhlaka 9 May 1969, lapho kukhona KwaMsane Magistrate Court, KwaMsane Clinic, u Masipala wase Mtubatuba uKwaMsane, nedolobha okuthiwa ise Mtubatuba elaqanjwa ngenkosi yaKwa Mkhwanazi likwaMsane ngaphesheya komgwaqo omdala u R293 idnawo esemaphandleni elawulwa  yiKwaMpukunyoni Traditional Council, imumathe konke nalapho sekwakhiwa umgwaqo uN2 onguthela wayeka (N2 freeway).

Lomlando siwuhlaziya kusukela bengakafiki abelungu ababa ziphathimandla ababengama Brtish Settlers, abanjengo Sir Garnet Wosley, no Sir Theophilus Shepstone ukubeka amakhosi ayezincelebana zabo, yingakho enye ingxenye yesizwe sobuKhosi bakwa Msane yabe seyaziwa ngokuthi yikwa Somkhele okuyigama lomuntu hhayi lesizwe, ngoba kwakucindezelwa ubukhosi bendabuko baKwaMsane kuqhathwa nezizwe zama Afrika ukuba zilwe zodwa, labo ababe ngabanumnazane nje benziwa amakhosi, kwathi amakhosi enziwa abanumnazane ukuxova nokudala uqhekeko. 

Ngingasho ngingahlonizi Mhleli ngenxa yokuzisho komlando ukuthi uMasipala obizwa ngokuthi yise Mtubatuba Municipality usemhlabeni owabe uyisabelo sendabuko sabaKwaMsane, okusho ukuthi wonke ama Ward kaMasipala asendaweni eyisabelo sobukhosi baKwaMsane. uMgabashi ushiye indodana yakhe uGawane phesheya komfula iMfolozi lapho ayakhelene khona noNonqewu kaMgobhozi, kunemizi yakwa Msane nomkhulu obizwa ngokuthi yiKwaZoneyane.

Lapho kuthiwa yi KwaMsane Rural Reserve yilapho kusekhona abaKwaMsane abayindlu yase Nqiwaneni abazithola sebecindezelwa wumlando ka Hulumeni wama Koloni benziwa izinduna emkhandlwini wakwa Mpukunyoni, umhlaba uhamba njalo uzungenze indawo okuthiwa yise Khula Village, egaphansi kuka Ward 2, amahlathi emithi atshaliwe yilapho kuthiwa kwakhakhiwe khona indlu yase Bhuyandlebe ka Nonqewu Msane, isizukulwane sikaNonqewu sagcwala zonke izinkalo esinye sazithola sesingaphansi kobukhosi baKwaSokhulu, kanti indlu yakwaMsane okuthiwa yiseZihlazini yona yazinza Ophatheni kwesaKwaMthethwa, kwathi indlu yaKwa Nkodibe neya KwaZitike yazinza phakathi elokishini KwaMsane, eyayisafuna ukuziqhubekela nempilo yesinto sendabuko yona yafudukela emaphandleni lapho kulawula khona umkhandlu waKwaMpukunyoni okusayindawo yakwaMsane.

Umlando wobukhosi bendabuko baKwaMkhwanazi ugxile kakhulu emagqumeni asendaweni yasOngoye lapho abaKwaMkhwanazi ubukhosi babo bendabuko bukhona, lobu obuKwaMsane babusungulelwe ukucindezela abaKwaMsane njengoba abaKwaMkhwanazi babefike bakhonza ngaphansi kobuKhosi baKwaMthethwa. 

Uma sengiphetha Mhleli, kukhona into exakayo njengoba kuliwa ukubuyiswa kwemihlaba ukuthi kubabantu abangafuni ukukhuluma ngemihlaba eseyaphendulwa amadolobha nezindawo ezaba yindawo yokuhlala abelungu nabanye bokufika kepha abathi vu ngazo ngale kwalokho bafuna ukuqinela ezinye izizwe noma baluthwa ngemali, izindawo ezinjengako Siphingo, Thekwini, Mbokodweni, Amanzimtoti Stanger, Pinetown, Winklespuit, Melmoth, kanye nezinye eziningi.

Zwakele ka Vangise Msane
Msane Tribe Heritage Trust
Heritage & Cultural Activist

No comments:

Post a Comment